Useyokuba ngozimakhaza uChavez
2012-12-14 10:00
Caracas - UMengameli waseVenezuela uHugo Chavez uhlangabezane nezinkinga ezingatheni, opha, ngesikhathi odokotela bemhlinzela umdlavuza, nokho kuthiwa useyowuphonsa umbalane.
"Ngesikhathi ehlinzwa uMengameli uChavez, 58, wophe kakhulu kwadingeka odokotela 'basukume bame ngezinyawo'," kusho uNgqongqoshe wezokuXhumana u-Ernesto
Villegas, etshela abezindaba.
Izinto zonakale ngemuva kwamahora ayisithupha umengameli ehlinziwe, esibhedlela eHavana.
"Welulama ngendlela uChavez," kusho uVillegas etshela abantu bezwe.
IPhini likaMengameli uNicolas Maduro, naye uqinisekise abantu bezwe, wathi umengameli uyelulama.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- AFP