Ungqoqhwane ubulale 26 eNdiya
2012-12-24 12:04
New Delhi - Cishe bangu-26 abantu abashonile esikhathini esingamahora angu-24 ngenxa yamakhaza e-Uttar Pradesh, eNdiya, kubike abezindaba ngoMsombuluko.
Abashonile babikwe ngeSonto nangoMsombuluko eBasli, eJaunpur, eMirzapur, eVaranasi naseChandauli, kubike abezindaba ze-IANS.
Kubikwe amazinga okubanda aphansi, alinganisela ku -4 degrees Celsius esifundeni.
Ngesikhathi iningi labashonile libulawe ukuzwela amakhaza, cishe abayisithupha bashone ezingozini zomgwaqo ezidalwe yinkungu, kusho umbiko.
Zonke izikole, namakolishi enhlokodolobha yase-Uttar Pradesh, eLucknow, zivaliwe kuze kube nguJanuwari 5 ngenxa yamakhaza.
Inkungu iphazamise izindiza nezitimela enyakatho yeNdiya.
Cishe zingu-15 izindiza okuhoxisiwe ukusuka kwazo ebezizosuka esikhumulweni sezindiza iNew Delhi kanti zingu-100 izitimela ezibambezelekile, kubike iDoordarshan Television.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP