‘Umyeni wami ubengifuna ngifile’
2013-02-26 07:22
New York - Unkosikazi wephoyisa laseNew York
abengasahlali nalo ubengakwazi ngisho ukubamba izinyembezi ngesikhathi ebona ubufakazi bokuthi umyeni wakhe ubefuna ukumthumba ambulale, amjezise nokuthi ufuna ukudla abanye abantu besifazane.
“Bengizoboshwa izinyawo nginqunywe uqhoqhoqho babuke igazi ligeleza," kusho uKathleen Mangan-Valle etshela inkantolo eManhattan.
UMangan-Valle, 27, uphinde wafunda nangokufakwa komunye wabangani epotimendeni bese eyabulawa.
Laba abanye besifazane ababili bebezodlwengulwa omunye ebuka "ukuze kuqinisekiswe ukuthi bayathuthumela", kuthi omunye agayingwe ephila emlilweni, esho.
U-Officer Gilberto Valle waqopha i-video lapho evuma khona ukuthi udla abantu.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AP