Umndeni ufuna balengiswe ababulali

2012-12-31 10:29
Yabelani Shicilela

New Delhi - Umndeni wowesifazane waseNdiya oyisisulu sokudlwengulwa abulawe, uthi angeke ukuthole ukuphumula kuze kuba ababulali baya kwagoqa nyawo.

"Sifuna bonke abasolwa balengiswe, sizokulwela lokho, kuze kube sekupheleni,” kusho umfowabo kamufi etshela abezindaba ze-Indian Express.

Abalisa abayisithupha babhekene namacala okubulala ngemuva kokulutha owesifazane oneminyaka engu-23 ubudala ukuba angene ebhasini eNew Delhi ngoDisemba 16 base beshintshana ngaye bemdlengula ngaphambi kokuba bamphose ngaphandle ibhasi ihamba.

Lona ushonele esibhedlela eSingapore ngoMgqubelo, kwathi ngeSonto walothiswa.

"Kunzima ukwamukela ukuthi akasekho ngempela emhlabeni, angeke ngiphinde ngizwe izwi lakhe, ngeke aphinde angifundele incwadi yesiNgisi," kukhala umfowabo.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone 12 eqhweni eNepal

2014-04-18 14:03
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-23°C Sunny. Mild. Pta: 10-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 9-19°C Afternoon clouds. Mild. Bloem: 8-25°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 15-26°C Sunny. Mild. PE: 17-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...