Umkhulu udubule wabulala 6 wabazukulu

2014-09-19 09:32

Bell – Umlisa owake watholakala namacala phambilini ubulale abazukulu bakhe abayisithupha, okubalwa kubona nosana, wabulala nendodakazi yakhe endala ngaphambi kokuba azibulale naye esehlakalweni sokudubula esenzeke emzini wakhe edolobheni elisenyakatho yeFlorida, kusho ampahoyisa.

Okhulumela amaphoyisa aseGilchrist, uRobert Schultz, ngoLwesine ekhuluma nabezindaba udalule ukuthi umbulali uDon Spirit kanti uneminyaka engu-51 ubudala.

Akazange adalule ukuthi owesifazane otholakale eshonile ngabe ungumama wenye yezingane ezibulewe yini, okungabafana ababili namantombazane amane.

Funda nalolu daba: Uzibulele osolwe ngokukhwabanisa.

USchultz uthe iphoyisa lifike endaweni yesehlakalo ngemuva kokuba uSpirit ebize abezimo eziphuthumayo ebatshela ukuthi angase azilimaze yena nomndeni wakhe.

Iziphathimandla zithe uma zifuka zathola izidumbu eziyisikhombisa endlini. 



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 15-23°C Afternoon clouds. Mild.
Jhb: 12-21°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-22°C Light rain early. Morning clouds. Cool. PE: 12-20°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...