Umholi waseTibet ugxeke iChina

2013-02-01 14:02

New Delhi - Umholi wezepolitiki eTibet nomele abantu abasekudingisweni, usegxeke izwe laseChina, ngokugweba abantu libagwebela lokhu akubiza "ngamacala abhedayo".
 
Lokhu kuza ngemuva kokugwetshwa kwabantu abayisishiyagalombili baseTibet, akade besolwa ngokuhlohla abantu ukuthi bazenzakalise ngoba bekhombisa ukulwisana nohulumeni waseChina.

ULobsang Sangay okuhulumeni waseTibet ekudingisweni, ukhulume ngoLwesihlanu wathi ukugwetshwa kwalaba kube yibhadi.

Abantu baseTibet abalinganiselwa ekhulwini, bazingqongqisa ngomilo ngoba bezama ukukhombisa ukungahambisani nemithetho kahulumeni waseChina, lokhu kwaqala ukugqama ngo-2009.

Umthombo wezindaba eChina, iXinhua News, ubike wathi umuntn waseTibet ugwetshwe intambo kwathi umshana wakhe wanikwa iminyaka engu-10 ebhadla ejele, betholakala benecala lokugqugquzela abantu ukuthi bazishise.

Kulesi sehlakalo esenzeka ngonyaka owedlle, kwashona abantu abathathu.

Abezindaba bathe abanye abantu abayisithupha bagwetshwe phakathi kweminyaka emithathu nengu-12, mayelana necala elifanayo.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Morning clouds. Pta: 18-31°C Showery. More sun than clouds. Hot.
Jhb: 16-26°C Thunderstorms. More sun than clouds. Beautiful. Bloem: 14-32°C Morning clouds.
Dbn: 18-19°C Passing showers. Afternoon clouds. Cool. PE: 17-22°C More sun than clouds.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...