Umfundisi ulahlwe yicala lokubulala inkosikazi

2013-01-23 12:03

Stroudsburga - Owabe engumgcotswa ebandleni laseMethodist, ulahlwe yicala lokubulala unkosikazi wakhe wesibili, alenza ngo-2008.

Ngemuva kokulahlwa yileli cala, sekuqalwe uphenyo ngenhloso yokuthola ukuthi akambulalanga yini owokuqala, naye owashona.

NgoLwesibili u-Arthur Schirmer utholwe yinkantolo enecala lokubulala, kuthiwa washaya unkosikazi wakhe uBetty Schirmer, nge-crowbar ekhanda wase emfaka emotweni wadala ingozi engatheni kuze kuzobonakala sengathi ubulawe yiyo.

Umfundisi lona, akakhombisanga kuzisola ngesikhathi inkantolo imlahla ngecala kanti umndeni kamufi wona ukhale izinyembezi zenjabulo ngesikhathi kukhishwa isinqumo senkantolo.

"Usezolala ngokuphumula. Ngiyabonga ngokuthi kutholakale umbulali kamama enecala," kusho indodana kaBetty, uNate Novack.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Sapa - AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 16-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-28°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C Showers late. More clouds than sun. Mild. PE: 13-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...