Umfundi udubule omunye esikoleni

2013-02-01 12:00

Atlanta — Umfundi odubule walimaza omunye entanyeni ngoLwesine ntambama, ngaphambi kokuthi iphoyisa elisebenza kulesi sikole likwazi ukumnqanda limphuce isibhamu.

Isibhamu siqhume kaningi emagcekeni asePrice Middle School, kusho isikhulu samaphoyisa ase-Atlanta uGeorge Turner.

Ngemuva kwalesi sidubedube, uthisha uthole imihuzukwana.

Umfundi olimele ungeniswe esibhedlela iGrady Memorial esesimweni esigculisayo.

Okhulumela isibhedlela uDenise Simpson uthe umfundi lo ube eseyadedelwa esibhedlela ngoLwesine ebusuku.

Kube sekujutshwa inqwaba yamaphoyisa kulesi sikole sabafundi abangu-400, nabazali abebethukile abafunanga ukusala ngaphandle befuna ukuyoqinisekisa ukuthi abantwana babo baphephile.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Sunny. Cool. Pta: 17-29°C Showers late. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 15-25°C Showers late. More clouds than sun. Mild. Bloem: 17-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-27°C More sun than clouds. Warm. PE: 17-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...