Umfana, 6, ubulale umfowabo ngephutha bedlala

2015-10-19 10:02

Chicago – Umfana oneminyaka engu-6 ubudala udubule umfowabo, 3, ngephutha washona bedlala, kanti ubaba uthi isibhamu wasithatha kwelinye ilungu leqembu lezigelekeqe, kusho amaphoyisa aseChicago ngeSonto.

Amaphoyisa athi la bafana bebedlala ngoMgqibelo ebusuku ngesikhathi umfana omdala ethatha isibhamu wadubula esibhekise kumfowabo omncane, u-Eian Santiago, wadubuleka ebusweni.

Le ngane ibe isiphuthunyiswa esibhedlela, ngebhadi yashona ngokuhamba kwesikhathi.

OLUNYE UDABA: Umfana ubulale umfowabo belingisa ifilimu

Amaphoyisa abe esebopha ubaba walezi zingane, uMichael Santiago, 25, ngecala lokuba budedengu.

Ummeli kaMichael uthi ikhasimende lakhe lathenga lesi sibhamu emgwaqeni, kanti belisigcina phezulu kwefriji sigoqwe ngebhulukwe lokulala.

Kuthiwa ubaba watshengisa amadodana akhe lapho ebeka khona isibhamu.

"Ubesigcinele ukuthi azivikele ngoba wampimpa isigelekeqe esihamba icala lokubulala.”

- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...