Ululama kahle uChavez

2012-12-12 12:01

Caracas - UMengameli waseVenezuela uHugo Chavez, ongaphilile kahle, uyelulama ngemuva kokuhlinzwa okube yimpumelelo okwenziwe eCuba njengoba enesifo somdlavuza, kusho isekela lakhe nokhethelwe ukuba angene esikhundleni sakhe, ngoLwesibili.

UNicolas Maduro, owanikezelwa amandla okuphatha enikwa nguChavez ngaphambi kokuba ayohlinzwa okwesine eHavana, uthe uChavez maduzane uzoqala ukululama ngemuva kokuhlinzwa nokuzothatha izinsuku eziningi.

"Ukuhlinzwa kwakhe kuhambe kahle kanti futhi kube yimpumelelo,” uMaduro usho kanje enkulumeni yakhe ayethule eCaracas.

Ukuchaze lokhu kuhlizwa okuthathe amahora ayisithupha njengokuhambe kahle kodwa akachazanga okuningi.

UChavez, 58, uye eHavana ngoMsombuluko ukuyohlinzwa ngemuva kokuveza ngempelasonto ukuthi umdlavuza usubuyile ngemuva kwezinyanga ezimbili anqoba ukhetho.

Umengameli wathola okokuqala ukuthi unesifo somdlavuza ngoJuni 2011.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone 9 kuqhuma amabhomu e-Iraq

Emizuzwini eyi-26 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 14-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 13-22°C Afternoon clouds. Mild. PE: 16-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...