Ukuqhuma kubulale 15 eMexico

2013-02-01 07:31

Mexico City - Ukuqhuma okukhulu okwenzeke ekomkhulu lefemu kawoyela iPemex, eMexico City, kubulale okungenani abantu abangu-15 kwathi abalinganiselwa ekhulwini balimala.

Intuthu ebivimbanise kuleli bhilidi elinezitezi ezingu-54, yenze basala bephithene amakhanda labo abasindile.

Kwezinye izitezi kuphuke amawindi, abantu bezama ukweqa, kanti inkampani ithi imbangela yalokhu kuqhuma kusaphenywa ngayo ukugwema ukuqagela.

Lesi sigameko senzeke ngabo-16:00 ngoLwesine kuleli bhilidi ebelimumethe okungenani abantu abangu-3 500 ngaleso sikhathi, kusho umbiko wezindaba.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Sapa - AFP

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 14-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...