Ukuhlasela kubulalel 20 e-Iraq

2012-12-17 13:32

Kabul - Ukuhlaselwa kwabezokuphepha e-Iraq, kushiye kufe cishe abantu abangu-20 kwalimala abangu-37 ngoMsombuluko, kusho amaphoyisa nabosizolokuqala, ngaphambi kokubungazwa kokuphela konyaka wokuqala amasosha aseMelika aphuma kuleliya lizwe.

Oshayasibhamu abathathu bahlasele indawo yamaphoyisa eTikrit, kwafa iphoyisa elilodwa kwalimala amathathu.

Amaphoyisa abajahile abasolwa, bashiya imoto inebhomu phakathi, yaqhuma yabulala amanye amaphoyisa amane kwaphinde kwalimala amabili, kusho okhulumela amaphoyisa.

Udokotela usiqinisekisile isibalo.

Endaweni yaseAl-Buslaibi, enyakatho yeBaghdad, ibhomu ebiseceleni komgwaqo ngenhloso yokubulala amasosha, ibulale amasosha amathathu.

Imoto ebinebhomu eKhaznah, okuyindawo engaseMosul, ibulale abantu abayisikhombisa yalimaza abangu-12, ngesikhathi ezinye futhi izimoto ezimbili ezinamabhomu ngaseShiite, zibulale abantu abahlanu zalimaza abangu-20 edolobheni iTuz Khurmatu, kusho amaphoyisa nodokotela.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kutholwe izidumbu zezinja ezingu-40

Emizuzwini eyi-8 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Afternoon clouds. Warm. Pta: 15-28°C Mostly sunny. Warm.
Jhb: 12-23°C Mostly sunny. Mild. Bloem: 14-16°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Dbn: 19-24°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. PE: 17-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...