Ukubihlika komhlaba kubulale 7 eTurkey

2013-01-28 14:06
Yabelani Shicilela

Diyarbakir - Kushone okungenani abantu abayiskhombisa ebusuku ngeSonto ngesikhathi kubihlika umhlaba kubukwe ibhola enkundleni yezemidlalo eningizimu mpumalanga neTurkey, udaka lwamboza abadlali nezibukeli, kusho umithombo ethembekile.

Kuphinde kwalimala abantu abathathu kwathi owesine umuntu waduka ngesikhathi umhlabathi umbozela udonga lwenkundla eSirnak, nokuyidolobha elihlaselwe yizimvula ezinkulu kulezi zinsuku.

ITurkey idume kakhulu ngalezi zigameko ngenxa yezimvula ezinamandla ezidala ukuthi imifula igcwale idle izindwani bese ikapakela emizini.

Ngo-Agasti 2010, kwashona abantu abangu-12 ekubihlikeni komhlaba eBlack Sea, ngemuva kokuhlasela kwezimvula ezinkulu nezadala izikhukhula kwacekeleka phansi imizi.


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone 12 eqhweni eNepal

2014-04-18 14:03
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-24°C High level clouds. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-22°C Sunny. Mild. Bloem: 10-25°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-27°C Morning clouds. Mild. PE: 17-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...