Ukubihlika komhlaba kubulale 17 e-Indonesia
2013-02-18 14:03
Manado - Izingane ezine ziphakathi kwabantu abangu-17 abashone ngempelasonto maphakathi ne-Indonesia kulandela izimvula ezinamandla nokubihlika komhlaba, kusho izikhulu ngoMsombuluko.
Izingane, ezineminayaka ephakathi kwemibili kanye neyisishiyagalolunye, zishonile kanye nabadala abangu-13 ngesikhathi izikhukhula zihlasela ezingxenyeni ezisenyakatho neSulawesi Island ekuseni ngeSonto, kusho okhulumela ezezinhlekelele esifundazweni uHowke Makawarung etshela i-AFP.
"Bangu-17 esithole ukuthi bashonile. Zonke izidumbu zitholakale ngeSonto,” usho kanje, waqhuba wathi izimvula ezinamandla zihlasele ezindaweni ezintathu, kuhlanganisa inhlokodolobha yasesifundazweni saseNorth Sulawes,i iManado.
Amanzi, agugule izindlu ezibalelwa ku-5 000 eManado, ehlile ngoMsombuluko kanti izakhamuzi seziqalile ukuhlanza amakhaya azo.
Ukubihlika kodaka kudlule nomphefumulo womfana oneminyaka eyisithupha ubudala.
"Ubegeza ekuseni ngesikhathi udaka lushaya indlu,” kusho iPhini leMeya uHarley Mangindaan, etshela i-AFP.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP