Ukobandayo obedla amaphela
2012-11-27 14:02
Miami - Umlisa mumbe waseFlorida ukhingceke washona ngesikhathi edla kwanhlobo yephela ebelikhona emncintiswaneni abewungenele ebekuwinwa kuwo inyoka.
Ucwaningo lodokotela luthi u-Edward
Archbold, 32, waseWest Palm Beach, ubulawe wukuxhilwa.
Kuthiwa ukusebenza kahle kwemigudu yomzimba wakhe kuphazanyiswe ngamaphela amaningi akade esewadlile, lona kuthiwa ube nobunzima ekuphefumuleni.
"Ingaphakathi lomphimbo wakhe libe nenkinga wase ekhingceka waze washona," kusho umbiko kadokotela uCraig T Mallak.
"Umfanekiso oqoshiwe ukhombisa u-Archbold ezama ukugwinya nokuphefumula ngesikhathi esisodwa. Lokhu akukwazi ukwenzeka kanye kanye."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- AP