Ugwetshiwe umama ohushulise ingane isisu

2014-09-08 12:33

Washington - Ugwetshwe izinyanga ezingu-18 ebhadle ejele owesifazane othenge amaphilisi okuhushula isisu nge-internet wase ewaphuzisa ingane yakhe yentombazane, ngokusho kombiko weHuffington Post.

Ngaphezu kwalesi sigwebo, uphinde wahlawuliswa u-$1 000.

Imithetho yasePennsylvania ithi kuyicala ukuthi noma ngubani omunye ngaphandle kukadokotela, ahushulise isisu.

Le ngane, 16, nebingayifuni ingane ebiyikhulelwe, kudingeke ukuthi iphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kokugingqiswa la maphilisi njgenxa yokuthi ibisiyopha kanzima.

OLUNYE UDABA: Uxoshiwe owala ukuhushulisa umama isisu

Umama ezivikela uthe awukho umtholampilo oseduzane obungabasiza kule nkinga abebebishe kuyo kanti ubengenawo umshwalense wokukhokhela isibhedlela.

Amadolobha amaningi eMelika awaboni ngasolinye uma kuziwa endabeni yokuhushulwa kwezisu.

Ukukhipha izisu kusemthethweni la eNingizimu Afrika, kanti abakhulelwe bangasikhipha isisu uma amasonto esengaphansi kwangu-12.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Huffington Post SA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. Partly cloudy. Cool. Pta: 17-28°C Rain showers. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-23°C Showers early. High level clouds. Mild. Bloem: 13-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-24°C Showers early. Morning clouds. Mild. PE: 12-21°C Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...