Ugwetshiwe obaziwa ngele'black widow'

2012-04-13 10:06

Tokyo - Umfelokazi waseJapan owaziwa ngele"black widow" unikezwe isigwebo sentambo ngecala lokubulala abesilisa abathathu ayekade ethandana nabo ngoba efuna imali yabo.

UKanae Kijima, 37, wabulala amasoka akhe ayekade ehlangane nawo ezinkundleni zokuxhumana ze-internet.

Lona wayephuzisa amadoda amaphilisi okulala bese ewashunqisela ngentuthu yamalahle.

Inkantolo ithole ukuthi wayegila lo mkhuba ngoba efuna amadoda ayeke ukufuna ukubuyiselwa imali yawo.

"Wenza icala elikhulu kakhulu elesabekayo izikhawu ezintathu," kusho iJaji uKazuyuki Ohkuma.

Bangaphezu kwenkulungwane abantu abahambele inkantolo befuna ukuzwa isiphetho secala.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-26°C Heavy rain early. Decreasing cloudiness. Pleasantly warm.
Jhb: 12-20°C Heavy rain. Morning clouds. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. Broken clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...