Ugcine ngokushona ozokhele ngomlilo ecikwa uhulumeni

2015-04-17 12:29

Beijing – Owesilisa waseTibet uzokhele ngomlilo washona eChina, kusho inhlangano yamalungelo abantu, nokuyisigameko sesibili ukwenzeka emasontweni amabili.

UNei Kyab, okukholakala ukuthi uneminyaka eko-40 ubudala, uzithungele ngomlilo ngoLwesithathu endaweni egcwele kakhulu amaTibet, iSichuan, eseningizimu ntshonalanga neChina, kusho iRadio Free Asia (RFA).

OLUNYE UDABA: Uzokhele ngomlilo umfuduki e-Australia

Uyisisulu sokugcina ukuzingqongqisa ngomlilo osekwenziwe abantu abangaphezu kuka-130 abangamaTibet eChina, kusukela ngo-2009.

AmaTibet amaningi asola uhulumeni ngokucindezela inkolo yawo nokufuna ukuqeda nya ngamasiko awo.

- AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 15-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 19-28°C Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-28°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. PE: 17-20°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...