Ufuna isinxephezelo ongafakwanga isidoda somlungu

2015-09-07 13:28

Ohio – Isitabane somlungu sithole ingane yekhaladi kulandela ukuba sifakwe isidoda sendoda yomuntu omnyama ngephutha.

UJennifer Cramblett wakubeka kwacaca ukuthi ufuna isidoda somlungu, onezinwele ezi-blond namehlo aluhlaza.

Kodwa wafakwa isidoda esingeyona lento ayeyifuna ngemuva kokuba isisebenzi senze iphutha kulandela ukungawuboni kahle umbhalo.

Funda nalolu daba: Ona-11 udubule obegqekeza kubo

Nakuba uCramblett, 37, nomuntu wakhe, u-Amanda Zinkon, 30, bemthanda uPayton, oneminyaka emithathu manje ubudala, umangalela  abalondolozi besidoda ngaleli phutha abalenza.

Lezi zithandani zihlala endaweni egcwele kakhulu abelungu kanti zinokwesabela ukuthi ingane ingase ibandlululwe.

UCramblett uthi leli phutha, alibona esakhulelwe uPayton, limdalele ukhwantalala nobuhlungu empilweni yakhe.

Uvumile kodwa ukuthi indlela akhule ngayo yamenza wababheka ngenye indlela abantu abamnyama, kubika iDaily Mail.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- Daily Mail

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-14°C Drizzle. Afternoon clouds. Cool. Pta: 5-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 1-17°C Sunny. Mild. Bloem: -3-16°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-20°C Sunny. Cool. PE: 11-18°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...