Udokotela kwelokuhlinza iziguli singekho isidingo

2012-11-09 12:01

London - Zithukuthele zathelwa ngamanzi iziguli zaseLondon ngesikhathi kuvele izindaba ezithi udokotela thize, uhlinze iziguli ezilinganiselwa enkulungwaneni ngokungekho emthethweni, ezihlinzela umdlavuza webele.

Omunye wabesifazane obeyingxenye yeziguli ebezithukuthele, uthe udokotela u-Ian Paterson kumele avalelwe endlini nazo zonke iziguli, bese ziyazibonela ngomzimba wakhe, njengoba naye enza ezigulini.

Izigulu zithi uPaterson, 54, waziphuca ubufazane bazo.

Udokotela lona umisiwe emsebenzini njengoba kusaqhubeka uphenyo, kuthiwa wayala abesifazane ababalelwa ku-450 ukuthi bahlinzwe, ekubeni sabe singekho isidingo salokho.

Kuthiwa waphinde wanika imishanguzo ezinye iziguli ezingu-700, ukunikwa kwazo imishanguzo kwakhulisa amathuba okuthi zingenwe wumdlavuza.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kuvalwa izicofucofu ezikoleni

Emizuzwini eyi-25 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 16-30°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-26°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 16-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...