Udedelwe esibhedlela uClinton

2013-01-03 10:59

Geneva- UNobhala woMbuso eMelika uHillary Rodham Clinton, usededelwe esibhedlela eNew York, ngemuva kwezinsuku ezintathu odokodela bethole ihlule legazi ekhanda lakhe.

Odokotela batshele uClinton ngoLwesithathu ebusuku ukuthi uyelulama futhi banethemba lokuthi uzolulama ngokugcwele, kusho okhululema uClinton uPhilippe Reines.

"Uselangazelela ukubuyela emsebenzini,” kusho uReines esitatimendeni, oqhube wathi uClinton nomndeni wakhe bayabonga ngezinga lokunakekelwa akuthole eNew York-Presbyterian Hospital.

UReines uthe imininingwane yokuthi angase abuyele nini emsebenzini uClinton izocaca ezinsukwini ezizayo.

UClinton selokhu angena esibhedlela ngeSonto, ngesikhathi odokotela bethola ihlule ekhanda lakhe kulandela ukuquleka ngasekuqaleni kukaDisemba, ngesikhathi esekhaya ephethwe yisisu, uClinton waquleka wawa washayeka ngekhanda phansi, kusho isikhulumi sakhe.

"Ngiyabonga umama usephumile esibhedlela usebuyela ekhaya,” kusho indodakazi kaClinton, uChelsea, ebhala ku-Twitter. Ngibonga kakhulu ukuthi odokotela bathi uzolulama ngokugcwele,”




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 14-22°C Morning clouds. Cool. PE: 16-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...