Ubuyela emsebenzini uClinton

2013-01-07 11:01

Geneva - UNobhala woMbuso eMelika uHillary Clinton uzobuyela emsebenzini ngoMsombuluko ngemuva kokuphutha isikhathi eside kulandela ukungaphili kakhle, okuhlanganisa ukuba nehlule legazi ekhanda, kusho umbiko.

Umbiko wangeSonto uveze ukuthi lesi sikhulu esiphezulu kuhulumeni sizoba nomhlangano ngo-09:15, ngoMsombuluko nesekela lakhe, izingxoxo ngeke zivuleleke kwabezindaba.

Kuneminye futhi imihlangano ehleliwe isonto lonke, kuhlanganisa ingxoxo ezoba seWhite House ngoLwesibili noNobhala wezokuVikela uLeon Panetta kanye nomeluleki wezokuPhepha uTom Donilon, nawo okungenzeka bavalelwe ngaphandle abezindaba kuwona.

Umhlangano olindelwe kakhulu ilowo ozoba ngoLwesine, lapho uClinton ezohlangana noMengameli wase-Afghanistan uHamid Karzai.
 



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-22°C Sunny. Mild. Pta: 3-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 1-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 13-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 8-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...