Ubulewe oshise iKuran

2012-07-05 16:32

Multan - Isixuku esilinganiselwa ku-2 000 sasePakistani sidumele umlisa ophazamisekile ekhanda obeboshwe ngamaphoyisa samshaya sambulala sagcina ngokumshisa ngemuva kokuthi eshise iKoran, kusho amaphoyisa ngoLwesine.

Isixuku sigasele esiteshini samaphoyisa salimaza isakhiwo ngesikhathi amaphoyisa enqaba ukudedela indoda lena.

Isikhulu samaphoyisa uGhulam Mohiuddin uthe umufi uGhulam Abbas, useminyakeni eko-40 ubudala, uthe ubevalelwe ngemuva kokubanjwa eshisa iBhayibheli labenkolo yamaSulumane iKoran.

"Isixuku esikhule salinganiselwa ko-2 000 sizungeze isiteshi samaphoyisa safuna kudedelwe umsolwa obe eseshaywa ebulawa wase eshiswa," kusho uMohiuddin etshela abezindaba ze-AFP.

IKhomishana yamaLungelo iHuman Rights Commission of Pakistan ithe ifuna kuphenywe ngalokhu kubulala.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 4-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-25°C Sunny. Mild. PE: 15-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...