Ubulale intombi ememeze igama le- 'ex' benza ucansi

2015-09-22 10:01

Sunrise – Iziphathimandla zithi umlisa waseFlorida ofonele i-911 wathi intombi yakhe ayikwazi ukuphefumula kahle, ugcine evumile ukuthi uyibulele.

Amaphoyisa aseSunrise atshele abezindaba ukuthi uFidel Lopez oneminyaka engu-24 ubudala ufonele i-911 ekuseni ngeSonto.

Amaphoyisa afike endlini athe athole uLopez ekhala endlini yangasese eceleni kwesidumbu sikaMaria Nemeth, 31, ebesinqunu.

Funda nalolu daba: Kushone 1 kwalimala 1 kuqhuma efemini

Amaphoyisa athi uLopez uqale wathi bebenza ucansi ngesikhathi uNemeth eya endlini encane, wafike waphalaza wabe esewela phansi.

Ngesikhathi eqhubeka nokuphekwa ngemibuzo, uLopez uvumile ukuthi udinwe uNemeth ngesikhathi ebiza igama lowayengumyeni wakhe ngesikhathi benza ucansi, wabe esembulala.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 10-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 6-24°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...