Ubulale indodana ethi 'inobuntu' obuncane

2013-02-28 14:01

New York - Owesifazane wase-Indonesia ugwilizise indodana yakhe, 9, kubhavu wokugeza ngoba ethi 'inobuntu' obuncane, wathi buzoyidalela inkinga uma isikhulile, kusho okhulumela amaphoyisa.

Owesifazane, 38, wasenhlokodolobha iJakarta utshele amaphoyisa ukuthi indodana yakhe ibivele inomphambili omncane ingakasokwa, kwathi isisokiwe kwavele kwacaca ukuthi uyaphela nya, kusho okhulumela amaphoyisa uRikwanto, nobizwa ngegama kuphela.

"Utshele amaphoyisa ukuthi umbulale ngoba ubengeke abe nempilo emnandi ngenxa yale nkinga," esho.

"Ube esemgwilizisa kubhavu obugcwele amanzi, wamgqokisa kahle wambeka embhedeni. Ngemuva kwalokho ube eseya koziceba emaphoyiseni."


 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 16-30°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-26°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 14-31°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-24°C Partly cloudy. Mild. PE: 16-20°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...