Ubulale abaningi kuzobukwa i-movie

2012-07-20 11:52
Yabelani Shicilela

Cape Town - Okungenani abantu abangu-14 bashonile kwathi abalinganiselwa ku-50 balimala ngesikhathi ushayasibhamu evulela ngenhlamvu emcimbini wokwethulwa kwesithombe sikaBatman, eDenver, kusho imibiko kamuva nje.

Abezindaba ze-SkyNews babike ukuthi abantu bebebaleka bekhala ubumayemaye, bephuma ebhayisikobho e-Century Aurora 16 Movie Theatre, esenxanxatheleni yezitolo e-Aurora.

Kuthiwa ushayasibhamu uvulele ngenhlamvu ngemuva kwemizuzu engu-30 kuqale isithombe i-The Dark Knight Rises waphinda wavulela isisi esikhalisa unyembezi.

"Abantu ekade bengaphakathi bathi baqale bacabanga ukuthi kusaqhubeka isithombe. Bezwe ukuqhuma ngemuva kwalokho kwacaca ukuthi kuyafiwa," kusho umethuli wezindaba uBrenda Stuart, womsakazo i-850 KOA Radio.

AbeSkyNews bathe amaphoyisa azungeze indawo yesehlakalo, babheka iziqhumane.

Amaphoyisa athi uyedwa oboshiwe, kukholakala ukuthi lona wenze lo monakalo eyedwa.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-16°C Showers early. More sun than clouds. Cool. Pta: 3-17°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-14°C Sunny. Cool. Bloem: 1-15°C Sunny. Cool.
Dbn: 9-25°C Sunny. Mild. PE: 12-20°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...