Uboshiwe umshayeli webhasi ebulale izingane

2014-05-20 10:00

Fundacion – Izikhulu zaseColombia zithi usebopshiwe umshayeli webhasi eligqamuke umlilo kwashona izingane ezincane ezingu-33, kwathi abanye abaningi balimala kambi.

Izingane zishone engozini eyenzeke ngeSonto sezibuyela emakhaya, zikade zihambele umcimbi wasesontweni.

Amaphoyisa abophe nesikhulu sebandla okuyiso ebesiqashe ibhasi, kusho umshushisi uLuis Gonzalez, ekhuluma esiithangamini sabezindaba.

Ababoshiwe bazobekwa amacala okubulala.

Ingozi yenzeke edolobheni iFundacion, kwashona izingane eziseminyakeni yobudala esukela kwemithathu kuya kwengu-12.

Umshayeli ushonelwe ngabantwana bakhe ababili, uzinikele yena emaphoyiseni ngemuva kwengozi.

Ozibonele uthi umlilo uqubuke ngesikhathi umshayeli ethela uphethiloli esebenzisa isigubhu.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-20°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-25°C Sunny. Mild. Bloem: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 19-26°C Sunny. Mild. PE: 11-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...