Uboshiwe onqume uyise ikhanda
2013-02-14 10:04
Sydney - Kuboshwe indoda e-Australia ngemuva kwezinsolo zokuthi ishumpule ubaba wayo ikhanda ngemuva kokungenelela izama ukulamula impi phakathi komsolwa nonkosikazi, kusho amaphoyisa.
UToufic Zahab, 69, ushone ngemuva kokuhlaselwa ngesitini nommese emzini wakhe osendaweni yabadla izambane likaPondo entshonalanga neSydney.
Amaphoyisa aqinisekise ukuthi ikhanda lowesilisa lishumpuliwe kanti unkosikazi uthola ukwelashelwa ukwethuka.
"Kuboshwe indodadana uKhoder, 42, ngemuva kokutholakala kwesidumbu eBankstown," kusho amaphoyisa.
"Amaphoyisa abizelwe kulo muzi ngaphambi kwehora lesithupha ekuseni ngemuva kokubikwa kwengxabano yasekhaya."
UKhoder ube eseyaboshwa kodwa akakabekwa icala.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP