Ubelethile owadlwengulwa ngomfowabo noyise

2014-03-13 10:02

Jordan - Abashushisi baseJordan babeke ubaba nendodana icala lokudlwengula intombazane, 17, ngemuva kokuthi ibelethe ingane yentombazane ngemuva kwalezi zigameko.

Le ntombazane ibelethe ngenyanga eyedlule, ngemuva kokudlwengulwa ngubaba wayo, 40, nomfowabo emelamayo, 16.

"Intombazane yaveza ukuthi uyise nomfowabo bayidlwengula bephindelela,” kusho izikhulu zitshela i-AFP.

"Abamangalelwa bawavuma amacala. Ulibofuzo lwaveza ukuthi isisulu sitholiswe ingane ngumfowabo.”

Laba bangase babhekane neminyaka engu-20 bebhadle ejele uma icala libagojela.

Izibalo ezisemthethweni zangonyaka odlule zitshengisa ukuthi iningi lezingane eJordan zinukubezwa ngokocansi.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-26°C Rain early. Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-21°C Showers early. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-28°C Sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Sprinkles. Morning clouds. Warm. PE: 19-26°C Drizzle. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...