Ubelethe amawele amane maqede washona

2015-03-03 13:31

Phoenix – Owesifazane oneminyaka engu-36 ubudala ubelethe amawele amane kodwa ngenxa yokulahlekelwa yigazi eliningi akakwazanga ukuphila abone izingane zakhe zikhula njengoba egcine ngokushona.

Ngokubika kwe-www.metro.co.uk u-Erica Morales ubelethe amantombazane amathathu nomfana oyedwa endaweni yasePhoenic e-Arizona.

Uyise wala mawele uCarlos Morales akakwazanga ukuba khona ngesikhathi umkakhe ebeletha ngenxa yokuthi ubesemsebenzini wakhe lapho esebenza khona njengosonkontileka.

OLUNYE UDABA: Uthole amawele amahlanu obebizwa ngenyumba

Usuku lwenjabulo kuCarlos luphenduke elokukhala nokugedla kwamazinyo njengoba luphethe ngokulahlekelwa ngunina wezingane zakhe.

Sekusungulwe isikhwama esibizwa nge-GoFundMe ukuze kuqoqwe imali yokuxhasa ukukhuliswa kwala mawele.

Kubikwa ukuthi lesi sikhwama sesiqoqe imali elinganiselwa ku-$258 000.

Uyise wala mawele uthe uzothatha izifundo ukuze aqinisekisa ukuthi ukhulisa izingane zakhe ngendlela efanele.

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

         - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 11-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 4-23°C High level clouds. Mild.
Dbn: 20-26°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...