Ubangwa nezibi owadlwengulwa eNdiya
2012-12-28 10:00
Singapore - Isitshudeni saseNdiya esadlwengulwa ngamadoda ayisithupha ebhasini eNew Delhi "silwela impilo yaso" ngemuva kokulimala engqondweni, kusho isibhedlela alashwa kuso eSingapore ngoLwesihlanu.
"Asibukeki sisihle isimo sakhe, impela ubangwa nezibi," kusho uKelvin Loh, noyisikhulu eMount Elizabeth Hospital nalapho elashelwa khona lo wesifazane.
"Ithimba lezempilo lithole ukuthi phezu kwesifo senhliziyo anaso, uthinteke emaphashini nesingezansi kanti ulimale nomqondo."
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AFP