Ubaba ugwaze wabulala izingane zilele
2012-11-09 07:26
Berlin - Indoda yaseGermany igwetshwe iminyaka engu-15 isewadini labagula ngengqondo ngokugwaza ibulale izingane zayo ezine zilele ngemuva kokuhlukana nonkosikazi.
Kuleli cala elishaqe isizwe, le ndoda, 37, ibulale amadodana ayo amathathu nendodakazi emzini wayo oseLower
Saxony.
Umama wazo ubeseholidini eDenmark ngesikhathi umyeni lo emthumelela umyalezo wokuthi usezibulele izingane.
Le ndoda kuthiwa izogcinwa nabagula ngengqondo ngoba kukhona izinkomba zokugula.
Nayo izamile ukuzibulala kodwa kwangenzeka, yalimala kabi nje kuphela.
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa-DPA