Ubaba ubulale indodana eyikhipha 'idimoni'
2013-01-21 12:01
Anjo - Indoda eneminyaka engu-53 ubudala, isiboshiwe ngezinsolo ezithi ishaye yabulala indodana yayo ngoba ithi iyikhipha idimoni lenyoka eyihluphayo, kusho umbiko wephephandaba laseJapan.
Isiteshi sikamabonakude iTV Asahi, sibike sathi uKatsumi Nagaya ulimaze kambi indodana yakhe uTakuya, ngesikhathi emngqimuza odongeni, ngemuva kokuthi indodana izihuqe phansi ithi iyinyoka.
UTakuya ungeniswe esibhedlela, nokho kwabikwa ukuthi ‘usekobaba mkhulu’, kuqhuba isiteshi sikamabonakude.
Ubaba lona ube esetshela amaphoyisa konke okwenzekile, wase eboshwa.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24