UWilliam noKate badlulise ukubonga
2011-04-28 13:52
INkosana uWillian noKate Middleton bathi bathinteke kakhulu ngendlela abantu ababaphathe ngayo kusukela bathembisana umshado, kusho umyalezo osohlelweni lwabo lomshado.
"Siyajabula ukuthi nikwazi ukuba yingxenye yalolu suku esicabanga ukuthi luzoba ngolunentokozo kunazo zonke empilweni yethu," besho.
"Abantu basitshengise uthando olumangalisayo kusukela samemezela ukuthi sizobopha ifindo likasofasilahlane, lokho sikuthokozele kakhulu."
Lo mshado uzofana nemishado ejwayelekile eyenzeka emasontweni aseBrithani.
Iculo elithi "Guide me, O thou great redeemer" lizoba ngelokugcina njengoba kwenzeka emngcwabeni kaDiana owawuseWestminster Abbey ngo-1997.
- Sapa - AP