UTutu uzobonana noSuu Kyi

2013-02-26 12:01

Yangon - U-Archbishop Desmond Tutu uzohlangana nalowo owanqoba iNobel Peace Prize u-Aung San Suu Kyi ngoLwesibili, kusho iqembu lakhe, ngesikhathi evakashele eMyanmar.

UTutu ufike kuleliya lizwe ngoMsombuluko, ngokusho komthombo osondelene neqembu likaSuu Kyi iNational League for Democracy (NLD).

"Uhlangane nezinye zeziboshwa zezombusazwe ekuseni namhlanje. UDaw Suu uzohlangana noTutu eYangon namhlanje ntambama -- uzobuya eNaypyidaw ukuzohlangna naye," usho kanje. IDaw igama elisho inhlonipho eMyanmar.

Uhulumeni waseMyanmar ukuqinisekisile ukuhambela kukaTutu wathi uzophinde ahambele nezindawo zezivakashi, kuhlanganisa iBagan Temple Complex ne-Inle Lake eseShan state, ngaphambi kokuba ahambe ngesikebhe alibhekise e-India ngoMashi 1.

Inxusa laseMelika lithe uTutu uzokwethula inkulumo e-American Centre eYangon ngoLwesithathu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-25°C Numerous showers. High level clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...