UPope ucele amaKhatholika amkhulekele
2013-02-14 08:02
Vatican City – Kuphume nesinedolo kwasukuma wonke umuntu eSt Peter's Basilica ngesikhathi uPope Benedict eqhuba imisa lokugcina esidlangalaleni ngaphambi kokuthi athathe umhlalaphansi ekupheleni kwenyanga.
"Ngiyabonga, asibuyele emkhulekweni,” kusho uPapa, 85, emisa ihlombe ebeselishaywe eside isikhathi.
Abanye bababhishophi bakhumule izigqoko, njengophawu lwenhlonipho, abanye bangakwazi ukubamba izinyembezi.
“Qhubekani ningikhulekele, nikhulekele ibandla nekusasa,” esho, njengoba ebevela okokuqala ngqa emphakathini kusukela enza isimemezelo esathusa abaningi ngoMsombuluko sokuthi uyashenxa esikhundleni.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Reuters