UPope ucacisa ngezizatu zokushenxa

2013-02-12 12:03

Vatican City - UCardinal Joseph Ratzinger wayesondelene kakhulu noPope John Paul II, ngesikhathi ehlaselwa ukugula waze waficwa ngukufa.

UJohn Paul, wakhungathwa yisifo iParkinson wakhubazeka, kanti wayengasakwazi ukukhuluma ngisho nokuhamba ngesikhathi eficwa ngukufa ngo-2005 eneminyaka engu-84 ubudala – isimo sempilo yakhe sashiya uPapa engasakwazi ukubhekana nezinselelo, ezihlanganisa izigameko zocansi ezazithinta abefundisi bebandla.

URatzinger, wakhethwa waba nguPope Benedict XVI, eneminyaka engu-78 ubudala.

Njengoba esesula, kuyacaca ukuthi ufuna ukugwema ukuba kube nokukhathazeka ebandleni – futhi ngalokho, mhlawumbe uhlose ukusiza ibandla lihambisane nezinto ezenzakalayo kulesi sikhathi samanje ezimayelana nemithi.

Esimemezelweni sakhe, uBenedict uthe amandla akhe ezinyangeni zakamuva “aya ngokuphela ngendlela yokuthi ngibonile ukuthi umsebenzi wami ngeke usenzeka ngendlela abantu abathemba ngayo.”

Esontweni, ababhishobhi bayaphoqwa ukuba besule ezikhundleni zabo uma sebefike eminyakeni engu-75 ubudala, kanti nabaphezulu bayanqatshelwa ukuba bavotele uPapa omusha uma sebefike eminyakeni engu-80 ubudala.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 3-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-25°C Sunny. Mild. PE: 15-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...