UPope Francis ulahlekelwe yizihlobo engozini

2014-08-19 18:20

Vatican City – Imibiko yaseVatican ithi ingozi yogwaqo eyenzeke e-Argentina  idlule nemiphefumulo yezingane ezimbili zomshana kaPope Francis kanye nomama wabo, unkosikazi womshana wakhe.

Okhulumela iVatican, uRev. Federico Lombardi, uthe ingozi yenzeke ngoLwesibili ekuseni endaweni yaseCordoba, okuyidolobha elikhulu eArgentine.

Umshana oyedwa ubeneminyaka emibili ubudala, omunye ubenezinyanga ezingu-8 ubudala.


Okwamanje ibingakadalulwa iminyaka kamama wabo.

ULombardi uthe umshana wakhe yena usindile; abezindaba bona bathe ulimele.

ULombardi akanawo amagama ezisulu okwamanje.

ULombardi uthe uPhapha ubikeliwe ngale ngozi. “Ubuhlungu inhliziyo.”

Uqhube wathi uPhapha ucele bonke abakhalalisana kanye naye ukuba bahlanganyele emkhulekweni.”




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- AP

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-19°C More sun than clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Mild. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-26°C Morning clouds. Mild. PE: 15-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...