UChavez akalilahlile ithemba
2013-01-30 07:18
Caracas - UHugo Chavez akaliphonsile ithawula ekululameni njengoba enesifo somdlavuza kanti uveze nokuthi unethemba ethimbeni lezempilo elimnakekelayo.
“Usho ngokukhulu ukuzethemba nomfutho wathi:' Ngiyayithemba kakhulu imishanguzo nezinhlelo zokungelapha ezisetshenziswayo. Ngithembele kuKrestu nasempilweni'," kusho iSekela likaMengameli Nicolas Maduro nathi ashiwo uChavez ngesikhathi emhambele.
UChavez usebuse iminyaka engu-14 eVenezuela.
Uthola ukwelashwa eCuba njengoba ahlaselwa yisifo somdlavuza.
Abamaqembu aphikisayo bathi lo mholi, 58, uma kungukuthi uyakwazi ukukhuluma nongqongqoshe, kumele axhumane nabantu bezwe lakhe abatshele ukuthi ukusiphi isimo sempilo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Reuters