UCastro useveze ukuthi uzoshenxa

2013-02-25 12:04

Havana - Sekungaphezulu kweminyaka engu-54 kwagcina ukuthi kube ngumuntu ongeyena uCastro ukuba ahole iCuba, kanti kungenzeka futhi kuphele eminye emihlanu.

Sekumenyezelwe ukuthi isikhathi sokubusa kwezelamani uFidel noRaul sizophela ngo-2018.

Ngesikhathi amukela elinye ihlandla lokuphatha ngeSonto, uRaul Castro ,81, umemezele ukuthi kuzoba ngelokugcina, wabe eseveza ukuthi uMiguel Diaz-Canel, nguyena ongase angene kulesi sikhundla.

"Kuzoba yihlandla lami lokugcina leli," kusho uCastro.

UCastro uphinde wathi ufuna ukwenza kube ngumgomo ukuthi isikhathi sokubusa singeqi emahlandleni amabili kanye neminyaka yomuntu ongaba ngumengameli, nakuba engacacisanga.

Njengephini elisha likamengameli weCouncil of State, nebusayo, uDiaz-Canel, 52, kungase kube uyena ongena kwesikamengameli kanti futhi nguyena obonakala esenamathuba kakhulu kunabanye osopolitiki baseCuba abangazange babe yingxenye yomzabalazo ngo-1959.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Mild. Pta: 19-30°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 14-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 15-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-22°C Cloudy. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...