UBan uthi akungenelelwe kolwaseMali

2012-11-29 14:04
Yabelani Shicilela

New York - uNobhala Jikelele weNhlangano yeZizwe uBan Ki-Moon usenxuse ukuba kwenziwe okuthile ngokushesha ukusiza uhulumeni waseMali kanye nabantu ekubumbeni izwe, usho kanye embikweni awudlulisele ku-UN Security Council.

Uthe indlela yokuqala okungenziwa ngayo ukugqugquzela ukubuyisana kwezombusazwe, kugcinwe ngokukhipha amasosha e-al-Qaeda azinze enyakatho.

Kwaba nodlame eMali ngoMashi kulandela ukuvukelwa koMbuso enhlokodolobha iBamako nokwadala uqhekeko kwezokuphepha. Lokho kwaholela ekubeni abauntu bamaTuareg, ababebona becindezelwe uhulumeni waseMali, bathathe ingxenye yendawo esenyakatho.

Kodwa kwathi ngemuva kwezinyanga, amavukelambuso nawo akhishwa kule ndawo ekhishwa yiqembu lama-Islam elidlelana ne-al-Qaeda, okumanje selifake imithetho eqinile yeShariah kule ndawo.

"Indawo esenyakatho neMali isengcupheni yokuba ibe yisidleke sabashokobezi," kusho uBan embikweni wakhe odluliselwe ku-UN Security Council ntambama ngoLwesithathu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- AP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-20°C Mostly sunny. Mild. Pta: 11-25°C More sun than clouds. Warm.
Jhb: 11-19°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Bloem: 11-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Dbn: 16-22°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 13-16°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...