U-Obama uthembisa okuhle kodwa
2013-01-23 07:16
Oslo - Ubephelezelwa yizincomo uMengameli waseMelika uBarack Obama ngesikhathi ezibophezela ekutheni uzobe ehola impi emelene nokuguquguquka kwesimo sezulu.
Lokhu kwafinyelela kwangqingetshe ngesikhathi amazwe elwisana ngokuthi ngubani okumele akhokhe imali ezosetshenziswa ukwehlisa i-carbon
emissions.
Izingqungquthela zeminyaka azikaphumi nesisombululo ngale nkinga ethi uma isihlasele kubonakale izikhukhula, isiphepho nesomiso.
U-Obama ukhulume wenaba ngesikhathi efungiswa ngoMsombuluko wathi uma behluleka ukubhekana nale nkinga "bayobe baphoxa abantwana babo kanjalo nezizukulwane eziyolandela".
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Reuters