U-Obama uthembisa ngokusukumela okuningi
2012-11-15 07:24
Washington - UMengameli Barack Obama uthe uhlela ukusebenzisana neCongress ehlandleni lakhe lesibili ukudambisa ukuguquguquka kwesimo sezulu, kodwa kungashayeki umnotho waseMelika.
“Ngiyakholelwa ekutheni ukuguquguquka kwesimo sezulu into ekhona, futhi idalwa yindlela abantu abaziphatha ngayo," kusho u-Obama ngoLwesithathu.
"Ngicabanga ukuthi sikweleta isizukulwane esilandelayo ukuthi senze okuthile ngale nkinga."
Ngaphandle kokunaba ukuthi yiziphi izinyathelo azozithatha, u-Obama uthe uzinikele ekulweni nale nkinga.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Reuters