U-Obama ungenela kolwaseSyria
2012-08-02 12:06
Washington – UMengameli uBarack Obama usesayine umqulu oyimfihlo ogunyaza iMelika ukuba yeseke amavukelambuso aseSyria emzabalazweni wokuketula uMengameli uBashar Assad, kusho imibiko yangoLwesithathu.
Lo myalo oyimfihlo ubuqukethwe emqulwini we-Central Intelligence Agency, kusho i-NBC ne-CNN, kodwa bangawudalula umthombo wabo.
Izikhulu zaseWhite House zinqabile ukuphawula ngale mibiko kodwa futhi aziwuphikanga umqondo onjalo wokuthi iWashington ihlinzeka ngamasu ezobunhloli labo abangahambisani no-Assad.
I-Washington ngaphambilini yathi ihlinzeka ngosizo lwezempilo nolwezokuxhumana kumavukelambuso aseSyria kodwa yanqaba ukuhlinzeka ngezikhali.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- AFP