Sizobulawa isiboshwa esizicelele

2013-01-16 16:02

Virginia - Uma isiboshwa uRobert Gleason Jr. waseVirginia, engena egumbini eliyisemphelandaba ekubulawa kulo abalahlwe ngamacala, kuzobe kuphelile  njalo ngaye.

Lesi siboshwa sacela ukuthi sibulawe, hhayi ngoba sifuna ukufa kodwa ngoba sinokwesaba ukuthi uma singabulawa, sizoqhubeka nokubulala abantu.

UGleason ubesejele edonsa ngesikhathi ebulala esinye isiboshwa futhi enza isithembiso sokuthi uzoqhubeka abulale abanye, uma kuwukuthi akabuluwa yena uqobo.

Ngesikhathi izikhulu zicubungula isicelo sakhe sokuthi abulawe, waklinya isiboshwa wasabisa ngokuthi mkhulu umonakalo ozokwenzeka uma bengasheshisi baphumele obala ngesicelo sakhe.

"Asisheshiswa ngani isicelo sami? Kuzokonakala uma nilokhu nibambezela,” kusho uGleason ngesikhathi ebuzwa yizikhulu zomthetho, ngalesi sicelo.

Uhlelo lokubulawa kukaGleason, kulindeleke luqale ngo-21:00, ejele iGreensville Correctional Center.

Uma iziboshwa zibulawa, ziyakhetha ukuthi zifuna ukujovwa noma ukushokhwa ngogesi, uGleason nguye kuphela osakhethe ukushokhwa ngogesi kusukela ngo-2010.
 




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-30°C Tstorms late. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Showers late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 14-27°C Showers late. Broken clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-23°C Showers late. Mostly cloudy. Mild. PE: 15-19°C Showers early. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...