Siyenyuka esabashona ezikhukhuleni ePhilippines
2012-08-09 09:25
Manila - Silokhu senyukile isibalo sabantu abashona ezikhukhuleni eziqhubeka ezifundazweni ezisenhla nezwe iPhilippine, njengoba sesifinyelele ku-36, kusho izikhulu kuhulumeni.
Kunyamalele abantu abane, abanye abangu-14 balimele, kusho umbiko wamaphoyisa.
Abantu abangu-23 baminzile abanye abayisishiyagalolunye bashona ngesikhathi kuguguleka umhlabathi, lezi zikhukhula zihlonzwe njengezinkulu esike zabonakala kusukela ngonyaka ka-2009.
Abantu abangu-501 bashona ngesikhathi kuhlasela isishingishane uKetsana eManila.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).