Siyanyuka isibalo sababulawa amakhaza e-Afghan
2012-03-07 07:10
K,abul - Abethimba lezokutakula basebenze ngokungakhathali bemba iqhwa bethungatha izisulu okusolakala ukuthi zimbozwe yiqhwa elicekele phansi imizi e-Afghanistan.
Izikhulu zithi bangu-47 okuqinisekiswe ukuthi bashonile.
"Siyethemba ukuthi abanye abantu bebesemakhaya abo ngesikhathi kwenzeka lokhu kanti futhi basaphila," kusho uShams Ul Rahman, noyisekela lomholi wesifundazwe iBadakhshan.
"Kodwa uma ngabe iqhwa belisinda kakhulu kungenzeka ukuthi bonke sebeye kwagoqanyawo."
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Sapa - AP