Sishubile isimo ekolishi yaseTexas
2013-01-24 07:19
Dallas - Kuthungathwa umuntu wesilibili mayelana nesigameko sokudubula ekolishi elingaseHouston, eTexas, nokushiye abantu abathathu belimele.
Owamaphoyisa aseHarris County u-Adrian Garcia uthe lesi sigameko esenzeke eLone Star College sisuke ngesikhathi kulwa uCarlton Berry, 22, novele ubhekene namacala amabili okushaya esebenzisa isihluku ngesikhali esiyingozi, benoJody Neal, 25,
nongenacala ake abekwa lona.
UGarcia utshele isithangami sabezindaba ukuthi okwamanje lo muntu abamfunayo akwaziwa ukuthi udlale yiphi indima kulesi sigameko.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- Reuters