Silokhu sisimbi isimo eSyria

2012-11-13 14:01

Beirut - Ukutholana phezulu kwamasosha kanye noshayasibhamu abangamavukela mbuso maduzane naseDamascus, eSyria, kushiye amasosha ayishumi eshonile noyedwa koshayasibhamu.

Ibhanoyi ebelihama emoyeni liqhumise ngebhomu edolobheni elingasemngceleni, iRas al-Ain, kusho izingqapheli.

Impi equbuke edolobheni iGhuta, ngaseDamascus, iqale ngemuva kokuthi amavukelambuso ehlasele izikhungo zomphakathi, kusho le nhlangano ezinze eBrithani iSyrian Observatory for Human Rights.

Eningizimu yayo iDamascus, edolobheni iDaraya, kushone ivukelambuso ngesikhathi kuhlaselwa amasosha, amanye amavukelambuso amane ashonile nawo ngesikhathi kuhlaselwa inhlokodolobha, kusho i-Observatory.

Inhlangano ithi ngoMsombuluko kushone abantu abangu-16, edolobheni iRas al-Ain, enhla neSyria, ngasemngceleni.



 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-24°C Sunny. Mild. Pta: 16-31°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-25°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 15-29°C Heavy rain late. Afternoon clouds. Warm.
Dbn: 15-25°C More clouds than sun. Mild. PE: 14-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...