Sihamba kahle isimo eThailand
2012-04-12 12:03
Bangkok - Zihamba ngokwejwayeleikle izindiza zamabhanoyi ezisuka ePhuket, eThailand nebeziphazamisekile kulandela ukwesabela ukuthi kungase kuhlasele i-tsunami.
NgoLwesithathu amagagasi anamandla ahlasele e-Indonesia, kwenyuka amaphaphu kusatshelwa ukuthi kuzohlasela i-tsunami eyashiya ibhubhisile ngonyaka ka-2004.
"Kusukela ngoLwesithathu ebusuku, bese sivuliwe isikhumulo sezindiza,"
kusho uBang-orurat Shinaprayon, umqondisi kwaTourism Authority of
Thailand.
AbeThailand National
Disaster Warning Centre bahambise izexwayiso ezifundazweni eziyisithupha okuyiKrabi, Phuket, Phangnga,
Ranong, Satun neTrang.
Kubuye kwahanjiswa isihoxiso kuzona zonke izifundazwe kanjalo namanye amazwe akede abaliwe.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi
lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).